Ngabe iziLimi zoMdabo zaseNingizimu Afrika zikulungele ukuthi kufundiswe ngazo? Ukuhunyushelwa esiZulwini kwencwadi yamaKhono eMpilo

Research Articles

Ngabe iziLimi zoMdabo zaseNingizimu Afrika zikulungele ukuthi kufundiswe ngazo? Ukuhunyushelwa esiZulwini kwencwadi yamaKhono eMpilo


Abstract

Ukusetshenziwa kweziLimi zaboMdabo zaseNingizimu Afrika njengezilimi zokufundisa ezikoleni nasemfundweni ephakeme kuyinto esicwaningwe ngabacwaningi abaningi. Kodwa-ke ocwaningweni oselwenziwe luncane kakhulu olubheka ukuthi zikhona yini izinsizakufunda ezizokwenza ukufundisa ngalezi zilimi kube yimpumelelo. Ngakho-ke inhloso yalolu cwaningo ukuhlaziya ukuhunyushwa kweNcwadi kaThisha yamaKhono eMpilo isuka esiNgisini iya esiZulwini njengomzamo wokwakha izinsizakufunda zeziLimi zaboMdabo zaseNingizimu Afrika. Ucwaningo lugxila ekubhekeni ukuhunyushwa kwamagama anzima kulo mkhakha ngenhloso yokuthola ukuthi umhumushi uwahumushe ngendlela eyenza umqondo yini. Lolu cwaningo lusebenzisa indlela yokuhlaziya umbhalo kanti umbhalo ohlaziywayo iyo iNcwadi kaThisha yamaKhono eMpilo. Kusetshenziswa injulalwazi i-Skopos kanye ne-Afrosentrizimu ukuhlaziya amagama ayingxenye yalolu cwaningo. Imiphumela iyakuveza ukuthi iziLimi zaboMdabo zaseNingizimu Afrika azikakulungeli ukusebenza njengezilimi zokufundisa ngoba azikho izinsizakufunda ezibhalwe ngazo lezi zilimi. Iphinde iveze ukuthi incwadi ecwaningwayo kulolu cwaningo yahunyushwa ngokusebenzisa umqondo amagama awuqukethe noma awudlulisayo kule ncwadi, lokho okuyinto enhle ezokwenza ukuthi othisha baluqonde ulwazi olubhalwe kuyo. Ukuhumusha ngendlela eyenza umqondo kuyinto okumele bayiqaphele abahumushi beziLimi zoMdabo zaseNingizimu Afrika uma inhloso yokuhumusha kungukusebenzisa lezi zilimi njengezilimi zokufundisa ezikoleni.

Get new issue alerts for South African Journal of African Languages