Ukuhlaziywa kwamasiko nokubunjwa kwabalingiswa besifazane ngendlela engaqondile emdlalweni kaMavundla othi <em>Unyaka Wesethembiso</em> 2012

Review Article

Ukuhlaziywa kwamasiko nokubunjwa kwabalingiswa besifazane ngendlela engaqondile emdlalweni kaMavundla othi Unyaka Wesethembiso 2012


Abstract

Lolu cwaningo lucubungula amasiko kanye nokuvezwa kwabalingiswa besifazane ngendlela engaqondile emdlalweni othi, Unyaka Wesithembiso oshicelelwe uMavundla ngowezi-2012. Kulolu cwaningo kusetshenziswa injulalwazi yefemenizimu lapho kubhekwa okulandelayo ngabalingiswa besimame abakhethiwe: izingubo zokugqoka, inkulumo, ukucabanga, kanye nezenzo. Ucwaningo luhlose ukuqhathanisa abesifazane abavela ezindaweni zasemakhaya nalabo abasemadolobheni lapho kubhekwa iqhaza elibanjwe amasiko ezimpilweni zabo. Indlela yekhwalithethivu ehlaziya imibhalo iyona esetshenzisiwe kulolu cwaningo lapho kucutshungulwe umdlalo othi Unyaka Wesithembiso. Kuyavela ocwaningweni ukuthi ukuqoma, ukuthwala kanye nokulobola yiwona masiko avele kakhulu emdlalweni futhi yiwo athinta izimpilo zabalingiswa besifazane, ikakhulukazi labo abasemakhaya. Okutholakele kuveza ukuthi abalingiswa besifazane basemakhaya uma beqhathaniswa nabasemadolobheni ababhekani nezingqinamba ezifanayo. Abasemakhaya basacindezeleka kakhulu, abanayo le nkululeko elwelwa yinjulalwazi ifemenizimu. Amasiko, usiko nemikhuba kubuye kusetshenziswe nakho ukubacindezela kakhulu. Iziphakamiso zocwaningo wukuthi abantu besifazane -kungakhathalekile ukuthi abasemakhaya noma abasemadolobheni-nabesilisa kumele banikwe amathuba alinganayo ngoba nawo amasiko ayaguquka ngenxa yokushintsha kwesikhathi njalo kumele avune wonke umuntu kungakhathalekile ukuthi yibuphi ubulili bakhe noma ukuthi uhlala kuphi.

Get new issue alerts for South African Journal of African Languages