Iqhaza elibanjwa umculo womasikandi ekuphawuleni ngezinselelo zabesifazane

Research Article

Iqhaza elibanjwa umculo womasikandi ekuphawuleni ngezinselelo zabesifazane

DOI: 10.1080/02572117.2024.2400517
Author(s): Dumisani Ephraim Khumalo University of South Africa, South Africa , Beryl Babsy Boniwe Xaba University of South Africa, South Africa

Abstract

Umculo uyinkundla ebalulekile ekudluliseni imizwa kanye nemibono ngezimo abantu abahlangabezana nazo emphakathini. Le athikili yaleli phepha iphenya kabanzi ngendlela umculo kamasikandi osebenza ngayo ekukhuthazeni ukumelwa kwabesifazane, iphinde iphawule nangezimo ababhekana nazo empilweni yansuku zonke ebantwini abangamaZulu. Ucwaningo luhlose nokuphenya ngendlela umculo womasikandi olekelela ngayo ekuhlonzeni izindlela zokukhuthaza izingxoxo ngezihloko ezithinta ukulingana ngobulili. Kule athikili ulwazi luqoqwe ngokulandela indlela yekhwalithethivu. Kulalelwe amaculo ehlukene omasikandi, imibono nezingxoxo ezethulwa ngabaculi, abalandeli nabasakazi ezinhlelweni zokusakaza, kanye nokusebenzisa imibono eyethulwa emaqoqweni ezinkundla ezahlukene zokuxhumana. Kusetshenziswe injulalwazi yefeminizimu kanye neyokuhlaziya inkulumo ephinyiswayo noma yezimpawu zezandla noma izehlakalo ezigxile ekusebenziseni izimpawu, okungathiwa phecelezi, idiscourse analysis. Le ndlela yokuhlaziya isetshenziswe ukuze kuqondisiswe indlela umculo womasikandi oziveza ngayo izinselelo zabesifazane. Imiphumela yalolu cwaningo ihlonze indlela umculo kamasikandi osebenza ngayo ukukhuthaza abesifazane ekubhekaneni nasekunqobeni izinselelo abahlangabezana nazo emiphakathini abaphila kuyona. Ucwaningo luphinde lwaveza nendlela umculo womasikandi ogcizelela ngayo ukukhuthazwa kwezinkulumo eziqinisekisa ukwazisana phakathi kobulili obehlukene kanye nokusungulwa kwendlela ekhuthaza ukuqedwa kwemibono ebukela phansi abesifazane neqhaza labo emphakathini.

Get new issue alerts for South African Journal of African Languages