Umphumela wokufundiswa koLimi lokuQala loKwengeza kubafundi abasincele ebeleni isiZulu

Research Article

Umphumela wokufundiswa koLimi lokuQala loKwengeza kubafundi abasincele ebeleni isiZulu

DOI: 10.1080/02572117.2024.2379289
Author(s): Xolani Khohliso Central University of Technology, South Africa , Siphelele Mbatha University of the Free State, South Africa

Abstract

Leli phepha lethula ulwazi nenkinga yokuncishwa kwabafundi abangamaZulu ithuba lokufunda ulimi lwabo njengolimi lwaseKhaya ezikoleni ezixube izinhlanga. Okuhlalukile kulolu cwaningo ukuthi, kuhanjiswa phambili ulimi lwesiNgisi kube ilona olufundiswa njengolimi lwaseKhaya bese isiZulu sizakamuva sibe ulimi lokuqala lokwengeza. Abacwaningi-ke badalula inkinga yokuthi abafundi abangamaZulu kuthi kuyibona abaningi kulezi zikole kodwa futhi ulimi lwabo lushaywe indiva. Ngakho-ke abacwaningi bebephokophele ukubheka umthelela okhona kulo ngalesi senzeko, esibonakala singesivamile ezikoleni. Kuleli phepha kusetshenziswe imibono yensizakuhlaziya kaKrashen eyabunjwa ngowe-1982. okuyisiHlawumbiselo soMthamo wolimi neNgxenye yokuKodwa eyeNgeziwe kanye nesiHlawumbiselo isiQaphelisi. Lolu cwaningo luye lwamiswa ngomdwebomumo we-ethinografikhi, okhonze ngaphansi kocwaningo lobunjalo botho. Abahlanganyeli baye baqokwa ngenhloso, ukuphendula umbuzongqangi wocwaningo othi: Ngabe yimuphi umphumela wokufundiswa kwesiZulu njengolimi lokuqala lokwengeza kubafundi abancele ebeleni ulimi lwesiZulu? Kube sokusetshenziswa inhlololwazi esakuhleleka njengethuluzi lokunyombulula ulwazi kothisha abayishumi nambili abafundisa isiZulu ebangeni lesine kuya kwelesithupha, ezikoleni eziyisithupha ezahlukahlukene. Phakathi kokutholakele, kuvele ukuthi abafundi abangamaZulu abafunda ezikoleni ezixube izinhlanga babhekene nenkinga yokulahlekelwa isiZulu ulimi lwabo lwaseKhaya ngenxa yokuthi, bathi uma befika kule zikole, isiZulu basifunde njengoLimi lokuQala loKwengeza. Kuphinde kwatholakala ukuthi othisha abafundisa isiZulu uLimi lokuQala loKwengeza kabaqeqeshelwe ukwethula ulwazi lolimi lwesiZulu. Ngaleso-ke sizathu, [othisha] kabanazo izindlelasu ezuphusile zokufundisa ulimi.

Get new issue alerts for South African Journal of African Languages