Ukuhlaziywa kobuthakathaka namandla abalingiswa besilisa enovelini kaJC Buthelezi ethi <em>Impi Yabomdabu Isethunjini</em>

Review Article

Ukuhlaziywa kobuthakathaka namandla abalingiswa besilisa enovelini kaJC Buthelezi ethi Impi Yabomdabu Isethunjini

DOI: 10.1080/02572117.2024.2379288
Author(s): Celani Lucky Zwane University of Pretoria, South Africa

Abstract

Okugxilwe kukho kuleli phepha locwaningo okungakaze kucwaningwe abacwaningi okumayelana nokuhlaziywa kobuthakathaka namandla abalingiswa besilisa okutholakala enovelini kaJC Buthelezi ethi Impi Yabomdabu Isethunjini. Ubuthakathaka namandla babalingiswa besilisa kuvezwe ngokusobala kule noveli. Inhloso enkulu yaleli phepha locwaningo ukukhombisa ukuthi uButhelezi ubethula kanjani ubuthakathaka namandla abalingiswa besilisa kule noveli yakhe. Iveze ubuthakathaka namandla abo ngemuva kwesikhathi sobandlululo kwazise igxile ezimweni ezenzakalayo ngemuva kwesikhathi sobandlululo. Ukuziphatha kwabalingiswa besilisa abakubonisa kubalingani babo besifazane nabazali nezenzo zabalingiswa besifazane mayelana nentuthuko yabalingani babo besilisa kubhekiwe. Kusetshenziswe indlela yekhwalithethivu kuleli phepha locwaningo ngoba umcwaningi usebenzise izincwadi, amathisisi namajeneli ukuthola ulwazi. Izinjulalwazi umcwaningi abone ukuthi zihambisana nocwaningo ireader-oriented theory (injulalwazi egxile kubafundi) ebuye ibizwe ngokuthi ireader-response criticism noma ireception theory. Zontathu lezi zinjulalwazi ziyahambisana nokucwaningwa kuleli phepha locwaningo kwazise zigxile ekuziphatheni komuntu nasekubhekeni okufanelwe ukwenziwa ngumuntu nokungafanele. Imiphumela yocwaningo iveza ukuthi enovelini kaJC Buthelezi ethi Impi Yabomdabu Isethunjini kukhona lapho kutholakala khona ubuthakathaka babalingiswa besilisa lapho bengakhulumi ngendlela efanele noma bengenzi izinto ngendlela eyamukelekile. Imiphumela yocwaningo ibuye ithole ukuthi enovelini ka kaJC Buthelezi ethi Impi Yabomdabu Isethunjini kukhona lapho kutholakala khona ukuba namandla kwabalingiswa besilisa lapho bengakhuluma khona izinto ezifanele (bemela iqiniso) noma benza izinto ngendlela eyamukelekile.

Get new issue alerts for South African Journal of African Languages