Ucwaningo ngokuvezwa kokuhlukunyezwa kwabesifazane enovelini kaME Ngcobo, <em>Igazi Lezibi</em>

Research Articles

Ucwaningo ngokuvezwa kokuhlukunyezwa kwabesifazane enovelini kaME Ngcobo, Igazi Lezibi


Abstract

Abantu besifazane iningi labo bangabantu abacindezelwayo umphakathi abahlala kuwona bazithola beyizisulu zokunukubezwa ngokocansi. Amalungelo alinganayo phakathi kwezakhamuzi zase-Afrika abukeka kuyinto okusenzima ukuthi ilungiseke ngenxa yokuthi kusenabesilisa abazibona ukuthi bangaphezulu uma beziqhathanisa nabesifazane. Esikhathini samanje sithole abantu besifazane sebenza nemisebenzi eyenziwa ngabantu besilisa enjengokuba yizinyanga zokwelapha nokunye. Ukuphumelela komuntu wesifazane kunenhlese yokungathandeki kuphinde kumlethele enkulu inkinga ngenxa yenzondo abantu ababa nayo ngaye emphakathini. Lolu cwaningo luhlose ukuhlaziya ukuhlukumezwa kwabantu besifazane ngokusebenzisa inoveli kaME Ngcobo ethi, Igazi Lezibi. Ikhwalithethivu iyona ndlela yocwaningo esetshenzisiwe ukuphendula imibuzo ethi: Bahlukumezeka kanjani abantu besifazane? Ungakanani umonakalo owenzekayo kumuntu wesifazane ngokuhlukumezeka? Bese lugcina ngokuphendula umbuzo othi, kungabe ibuphi ubulili obuhlukumeza abantu besifazane? Lolu cwaningo lusebenzisa injulalwazi yeFemenizimu, okuyinjulalwazi ebheka ukuhlukumezeka kwabantu besifazane. Imiphumela yalolu cwaningo olwenziwe enovelini ethi, Igazi Lezibi kuyavela ukuthi abantu besifazane ibona ababa yizisulu zokuhlukumezeka, ikakhulukazi laba abanamandla okuzimela, babe nezinto zabo. Lokhu kuhlukumezeka kuqhamuka kubantu besilisa. Kuyenzeka kube ukuhlukunyezwa ngokocansi. Okuzuzwe ucwaningo ukuthi abantu besifazane bayahlukumezeka nangokomqondo, okomphefumulo, kanjalo nangokwenyama. Lokhu kudalwa umona oba khona uma umuntu wesifazane esephumelele lokhu osekwedlula abesilisa, kuyaqala kube nokubukeleka phansi komuntu wesifazane. Uma bebona ukuthi lowo muntu wesifazane usenze okuningi ngokuhlakanipha kwakhe kulapho-ke asuke esezakhele isigcwagcwa bafise nokumenzakalisa besebenzisa isihluku esibi.

Get new issue alerts for South African Journal of African Languages