Ukuhlaziywa kwamakhono namangwevu okubhala umbhalo wobuciko enovelini kaSibiya NG ethi, <em>Bengithi Lizokuna</em>

Research Article

Ukuhlaziywa kwamakhono namangwevu okubhala umbhalo wobuciko enovelini kaSibiya NG ethi, Bengithi Lizokuna

DOI: 10.1080/02572117.2024.2358816
Author(s): Beryl BB Xaba University of South Africa, South Africa

Abstract

Ukubhala imibhalo yobuciko kuncike kakhulu esiphiweni. Bakhona ababhali abakufundele ukubhala imibhalo yobuciko, kepha abanalo uhlonze olufana nalabo ukubhala imibhalo yobuciko abakwenza ngokwesiphiwo nekhono. Lolu cwaningo luhlonza amakhono okubhala enovelini kaSibiya ethi, Bengithi Lizokuna. Indlelakwenza esetshenisiwe ikhwalithithethivu okuyindlela ehambisanayo nokucwaningwayo ngoba lolu hlobo lubheka imicabango, izimvo, ukwenza namasiko abantu abawasebenzisa endleleni yabo yokuphila. Injulalwazi eyesekele lolu cwaningo inarrative theory egxile ekwethulweni kwezigameko zendaba. Lolu cwaningo luphendula imibuzo efana nale ethi yimaphi amakhono asetshenziswe uSibiya enovelini ethi, Bengithi Lizokuna, yiziphi izinhloso zokusebenzisa lawo makhono nokuthi lawo makhono abe namphumela muni ekwethulweni kwendaba. Amakhono acwaningiwe yikhono lokuchaza, ikhono lokulandisa, ikhono lokuchaza, ikhono lokujeqeza emuva, ikhono lenkulumo mpendulwano, ikhono lokubikezela nekhono lokuxuba izilimi. Imiphumela yocwaningo iveza ukuthi lezi zinhlobo zamakhono ezisetshenziswe uSibiya enovelini ethi, Bengithi Lizokuna ziveze ukuchaza nokulandisa indaba, zethule nenhloso ngabafundi bendaba ngokusetshenziswa kwekhono lokuxuba izilimi (isiNgisi nesiZulu) okuyindlela yokukhuluma esetshenziswa ikakhulukazi esikhathini samanje. Kuzuzwe nokuthi isizinda sibe nomthelela omkhulu ekusetshenzisweni kwaleli khono lokuxuba izilimi. Amanye amakhono enze umsebenzi wokugelezisa izigameko, wokwakha isithombe sesigameko nokuthokozisa, kanjalo nomlando-mpilo wombhali ube nomthelela phakathi kwezinye izizathu.

Get new issue alerts for South African Journal of African Languages