Ukuqanjwa kwezikole zaseMaqadini NaseMaphephetheni ngamakhosingenhloso yokulondoloza umlando

Research Article

Ukuqanjwa kwezikole zaseMaqadini NaseMaphephetheni ngamakhosingenhloso yokulondoloza umlando

DOI: 10.1080/02572117.2022.2139942
Author(s): Melusi Ernest Msomi University of KwaZulu-Natal, South Africa , Zamani Msomi University of KwaZulu-Natal, South Africa

Abstract

Amagama ayinto esemqoka kakhulu. Ayikho into engenalo igama emhlabeni. Amagama aveza okuningi mayelana nomqambi kanye nalowo oqanjwayo. Aqukethe izincazelo eziningi, amanye aqukethe umlando wokuzalwa kwalowo oqanjwe igama kanti amanye aqukethe imizwa yabaqambi begama. Leli phepha licwaninga ukuqanjwa kwamagama ezikole zaseMaqadini naseMaphephetheni ngamagama amakhosi akhona ngenhloso yokulondoloza umlando walezi zigodi. Abacwaningi bahlonza ukuthi ukuqanjwa kwezikole kusetshenziswa amagama amakhosi kubamba elikhulu iqhaza ekulondolozeni umlando wesizwe. Emhlabeni wonke jikelele izikole ziqanjwa amagama bese kuhluka ukuthi lawo magama aqanjwe kanjani kanye nencazelo encike kulawo magama. Leli phepha lihlose ukucubungula ukuthi amagama alezi zikole aqukethe yiphi incazelo. Leli phepha liphinde lihlose ukuhlaziya umlando oqukethwe ngamagama ezikole kanye nomthelela wawo kubafundi. Kulolu cwaningo kusetshenziswe indlela yekhwalithethivu ukuqoqa ulwazi. Ikhwalithethivu ivumela ukuba umcwaningi enze izingxoxo kubabuzwa abanolwazi ngesihloko. Lapha kusetshenziswe insizakuhlaziya ebizwa nge-Hermeneutics. Ibuka ubuciko obusemibhalweni okuyizindlela imibhalo edlulisa ngayo imilayezo ethile. Amagama anobuciko obuyisimanga ngoba adlulisa imiyalezo eyahlukene, le miyalezo incike kakhulu kumqambi wegama kanye nalowo oqanjwa igama. Isifundonacazelo yisona esisetshenziswe njengenjulalwazi kuleli phepha. Leli phepha lithole ukuthi kulezi zigodi ukuqanjwa kwamagama kuyinto esemqoka. Lithole ukuthi umlando wamakhosi ugcinwa ngokuqanjwa kwezinto ezimqoka ngamagama amakhosi.

Get new issue alerts for South African Journal of African Languages