Ukuvezwa ‘kwamagama emfashini’ ezingane zamaZulu esifundeni saseMkhanyakude

Article

Ukuvezwa ‘kwamagama emfashini’ ezingane zamaZulu esifundeni saseMkhanyakude

DOI: 10.1080/02572117.2019.1672342
Author(s): Bongephiwe Dlamini-Myeni Department of African Languages, School of Arts, South Africa

Abstract

Leli phepha liphenya ngoshintsho ekwethiweni kwamagama ezingane njengesithombe semfashini esiFundeni saseMkhanyakude ngemuva konyaka wezi-2000. Umcwaningi uhlonza ukuthi amagama emfashini abe nomthelela omkhulu kakhulu oshitshweni olwenzekile ekwethiweni kwamagama. Lapha umcwaningi ufisa ukuveza imibono yabantu abakhuluma ulimi lwesiZulu esiFundeni saseMkhanyakude mayelana nalolu hlobo lwamagama kanye nezinto ezahlukene eziyimbangela yawo. Kunoma imuphi umphakathi emhlabeni wonke jikelele, abantu banikezwa amagama kodwa kuhluka ukuthi lawo magama ethiwa kanjani, izinto nemicimbi yesintu kanye nezincazelo ezinanyathiselwe kulelo gama. Kulolu cwaningo kusetshenziswe izindlela ezimbili ukuqoqa imininingo, okuyindlela yekhwantithethivu kanye nekhwalithethivu. Ulwazi beluqoqwa kusetshenziswa izingxoxo nabantu abangamaZulu, kwaphinde kwabhekwa noma kwacuntshungulwa ama-rejista ezikole ezahlukene. Injulalwazi ye-Dynamic onomastic iyona esentshenzisiwe njengomgogodla walolu cwaningo.

Get new issue alerts for South African Journal of African Languages