Izinselelo eziphathelene nomsebenzi wabantu abangotolika emihlanganweni yokucobelelana ngolwazi

Research Articles

Izinselelo eziphathelene nomsebenzi wabantu abangotolika emihlanganweni yokucobelelana ngolwazi

DOI: 10.2989/16073614.2025.2512847
Author(s): Dumisani Ephraim Khumalo University of South Africa, South Africa

Abstract

Ukutolika kuyindlela ebalulekile ekuqinisekiseni ukuxhumana phakathi kwabantu abakhuluma izilimi ezahlukene. Ukungafezeki kwalolu hlobo lomsebenzi ngendlela kungaphazamisa ukudluliswa kwemibono kanye nokulethwa kolwazi olumqoka ebantwini. Leli phepha liphenya kabanzi ngezinselelo otolika ababhekana nazo ekuqiniseni ukuxhumana emihlanganweni yokucobelelana ngolwazi. Ulwazi luqoqwe ngokulandela indlela yekhwalithethivu nokubandakanya, ukuba yingxenye yemihlangano yokucobelelana ngolwazi, ukucubungula ulwazi kanye, nokuqaphelisisa okuqhubekayo ngesikhathi sokutolika ezingosini eziqhubekayo. Kuleli phepha kusetshenziswe injulalwazi eyisilinganisi-kuxhumana (i-Transactional model of communication) ukucubungula ulwazi oluqoqiwe. Imiphumela yalolu cwaningo iveza ukuthi otolika bahlangabezana nezinselelo ezahlukene ezifaka phakathi, ukuphazamiseka ngenxa yolimi olwehlukile olusetshenziswa ezingosini ngokwahluka kwazo, ukukhathala okubangelwa ubude bemihlangano, izindlela ezahlukene zokuxhumana ezisetshenziswayo kanye, nokuphazamiseka okubangelwa yizimo otolika abasuke besebenza ngaphansi kwazo uma kuqhubeka imihlangano yokucobelelana ngolwazi. Ucwaningo luphinde lwagcizelela ngolwazi mayelana nomdlandla nemidlalo evamise ukuba yingxenye yalolu hlobo lwezingosi njengenye yezinselelo otolika ababhekana nazo njengoba kusuke kulindeleke ukuba konke lokhu bakudlulisele phambili ngaphandle kokuphazamiseka. Ucwaningo luphakamisa isidingo sokwethula izindlela namasu okulekelela otolika emsebenzini wabo njengekhambi elingaqinisekisa ukuxhumana okungenazihibe nokunembayo

Get new issue alerts for Southern African Linguistics and Applied Language Studies