Ubulili besifazane ekuthukeni inhlamba: kubhekwa isilwane esiyinja nomuntu wesifazane

Research Article

Ubulili besifazane ekuthukeni inhlamba: kubhekwa isilwane esiyinja nomuntu wesifazane

DOI: 10.1080/02572117.2024.2392523
Author(s): Zinhle P Nkosi Language & Arts Education, University of KwaZulu-Natal, South Africa , Sicelo Z Ntshangase Language & Arts Education, University of KwaZulu-Natal, South Africa , Alexandra O’Neil Linguistics, University of Indiana, USA

Abstract

Kuyinkinga ukuthi ubulili besifazane bubukeka bungobedelelekile lapho buqhathaniswa nobesilisa. Lokhu kunomthelela nasekutheni abanye abantu emiphakathini baze basebenzise amagama angawalobu bulili njengawenhlamba nokwehlisa isithunzi kothukwayo. Ucwaningo luhlose: (1) Ukuphenya ukuthi ubulili besifazane ngesilwane esiyinja nomuntu wesifazane busetshenziswa kanjani ekuthukeni inhlamba. (2) Ukuthola izizathu zokuthi kungani kusetshenziswa amagama ahlobene nobulili besifazane bomuntu nobenja ekuthukeni inhlamba. Ngakho-ke imibuzongqangi ehola lolu cwaningo ithi: (1) Ubulili besifazane kumuntu nasesilwaneni esiyinja busetshenziswa kanjani ekuthukeni inhlamba? (2) Kungani kusetshenziswa amagama ahlobene nobulili besifazane bomuntu nobenja ekuthukeni inhlamba? Kusetshenziswe izindlela zekhwalithethivu ukuqhuba lolu cwaningo, kanti ucwaningo lungaphansi kwepharadaymu yomhumusho. Ngaphandle kwalokhu, ucwaningo lusebenzisa izindlela zocwaningo lwesimo. Kusetshenziswa izingxoxo eziyinhlololwazi esakuhleleka nababambiqhaza abayisishiyagalombili ukuthola imininingo yocwaningo, kanti ucwaningo lusebenzisa injulalwazi yefeminizimu. Ngenxa yokuthi ucwaningo lwaludinga ukuthi ababambiqhaza kube abantu abangamaZulu, futhi abahlala endaweni yaseClermont, baqokwa ngokwenhloso. Okutholakele ukuthi inhlamba okuthukwa ngayo yileyo esondelene nezitho zangasese, nobuthaka obuqondene nomuntu wesifazane. Okunye, nanxa inja isetshenziswa njengegama lokuthuka inhlamba, kodwa abanye ababambiqhaza baveza ukuthi kuyenzeka abathuki benhlamba bangahlukanisi ubulili okuyibona abathuka ngabo uma besebenzisa igama lenja, abagxili ebulilini benja. Ngokwababambiqhaza, ukubizwa ngenja noma ngabe eyabulili buni, kuyinhlamba. Ucwaningo lusonga ngokuthi kumele kufundiswe imiphakathi ngokugwema ukusebenzisa inja nomuntu wesifazane nezitho zakhe zangasese, njengamagama enhlamba ngoba lokho kunomthelela ekuhlukunyezweni kwabantu besifazane nezinja ngezindlela ezahlukene.

Get new issue alerts for South African Journal of African Languages