Ukusetshenziswa kwezimo zokukhuluma: kubhekwa kabanzi ingosi yesiminyaminya emgwaqeni no- Ayanda Msweli woKhozi FM

Research Article

Ukusetshenziswa kwezimo zokukhuluma: kubhekwa kabanzi ingosi yesiminyaminya emgwaqeni no- Ayanda Msweli woKhozi FM

DOI: 10.1080/02572117.2024.2333557
Author(s): Melusi Ernest Msomi University of KwaZulu-Natal, South Africa , Mpho Siphosenkosi Mhlungu University of KwaZulu-Natal, South Africa , Dumisani Khumalo University of South Africa, South Africa

Abstract

Leli phepha lihlaziya izimo zokukhuluma ezisetshenziswa ngu-Ayanda Msweli engosini yakhe yokuxwayisa ngezingozi emgwaqeni emsakazweni Ukhozi FM. Imisakazo ivamisile ukuba nezingosi lapho izintatheli zisuke ziphawula khona ngezindaba ezithinta iminxa eminingi, okungaba impilo yabantu, ezomnotho, ezemidlalo, ezepolitiki, ezesimo sezulu kanye nezemigwaqo lapho lolu cwaningo lugxile khona. Izintatheli zinalo ilungelo lokubhala nokukhuluma ngenkululeko ezingosini zezokusakaza. Kuvamile ukuthi okushiwo abasakazi emsakazweni kusheshe kusabalale emphakathini. Okuqondene nalolu cwaningo kunakho konke izimo zokukhuluma. Izimo zokukhuluma ziyinhlanganisela yezinto ezazenzeka ezisenzeka namanje ziphindaphindeka esintwini. Abantu babezibukisisa lezo zinto zenzeka ngokuphindaphindeka maqede baqambe izimo zokukhuluma, kube ngulwazi oludluliselwa ezizukulwaneni njengoba kusenjalo namanje. lLeli phepha lihlose ukuhlaziya ukusetshenziswa kwezimo zokukhuluma njengesu lokuqwashisa umphakathi malungana nezinselelo obhekana nazo emgwaqeni, nendlela yokuziphatha nokuhlonipha abanye abantu emgwaqeni. Kuzogxilwa olimini olusetshenziswa kule ngosi nomthelela walo kulokhu osekubaliwe ngenhla. Ulwazi lukhiqizwe ngokukhethwa kwezinkulumo ezisetshenziswa ngu-Ayanda Msweli woKhozi FM. Kusetshenziswe ikhwalithethivu njenge dizayini yalolu cwaningo. Le ndlela ivumela umcwaningi ukuba aphume ayohlwaya ulwazi emphakathini ehlala ababambiqhaza bocwaningo. Ngaphansi kwekhwalithethivu kusetshenziswe ukusampula okubizwa ngokuqoka ngenhloso ukukhetha ababambiqhaza balolu cwaningo. Leli phepha lisebenzisa injulalwazi ye-realism ukuhlaziya ingosi yesiminyaminya somqwaqo no-Ayanda Msweli emgwaqeni esakazwa njalo phakathi nesonto ekuseni nantambama. Le zinjulalwazi zingena khaxa ezinhlosweni zalolu cwaningo. Ngempela lolu cwaningo likuvezile ukuthi izimo zokukhuluma ezisetshenziswa nguMsweli ziyisithombe sobuqiniso ngokwenzeka emphakathini.

Get new issue alerts for South African Journal of African Languages