Ukuhlaziywa kolimi lwesiZulu lokwethula isimo emigwaqweni ngephimbo lomethuli u-Ayanda Msweli woKhozi FM olucashunwe ku<em>YouTube</em>

Review Article

Ukuhlaziywa kolimi lwesiZulu lokwethula isimo emigwaqweni ngephimbo lomethuli u-Ayanda Msweli woKhozi FM olucashunwe kuYouTube

DOI: 10.1080/02572117.2024.2333559
Author(s): Beryl BB Xaba University of South Africa, South Africa

Abstract

Izindlela zokwethula inkulumo noma isibikezelo azifani, kuphinde kuye ngokuthi wethula emsakazweni, kumabonakude noma esidlangalaleni. Ulimi lwesiZulu olunothile luvame ukusebenzisa izimo zokukhuluma nezinye izinandisi zolimi. Izimo zokukhuluma zihlukene kathathu, izisho izaga nezifenqo. Isizwe samaZulu singesinye sezizwe ezaziwa ngekhono lokuqamba nokuthuthukisa ulimi kusetshenziswa izimo zokukhuluma. Lesi siphiwo siyindalo ngoba asifundelwa ndawo. Nasemandulo izisho nezaga zaziqanjwa ngokubuka isimo esenzekile, maqede kuqanjwe noma iluphi uhlobo lwesimo sokukhuluma ngaleso simo. Lolu cwaningo luhlose ukuveza amakhono okusebenzisa nokuqamba ulimi uMnu. Msweli awavezayo uma ethula isimo sezimoto emgwaqweni emsakazweni Ukhozi FM. Lapha kuhloswe ukuveza ubuciko bokuqamba kulolu hlelo oluthatha imizuzwana oKhozini FM nsuku zonke ekuseni nantambama emva kwezindaba. Lolu cwaningo luphendula imibuzo ethi ngabe yimaphi amakhono okusebenzisa nokuqamba ulimi aqganyiswa ukwethula kukaMsweli? Nhlobo luni lolimi alusebenzisayo uma ethula uhlelo lwesimo sezimoto emgwaqweni? Lolu cwaningo lwesekelwe ngenjulalwazi yokuthambekela inkulumo (ispeech accommodation theory) emayelana nokusetshenziswa kolimi ngokubheka isimo sezinto ngaleso sikhathi, luphinde lusebenzise indlelakwenza yekhwalithethivu okuwuhlobo olubheka izimvo, imidlinzo, ulimi kanye namasiko asetshenziswa abantu endleleni yabo yokuphila. Kulolu cwaningo kusetshenziswe indlela yokuqoka ulwazi ngenhloso ngokucaphuma isibikezelo noma isethulo sesimo sezimoto engwaqweni esicashunwe kuYouTube sabhalwa phansi njengolwazi oluhlaziywayo. Okuzuzwe kulolu cwaningo ukuthi uMsweli usebenzisa izisho nezaga, uxuba izilimi, uqamba nezisho nezaga ezintsha ngenhloso yokwethula, ukuchaza nokulandisa ngesimo sezimoto emgwaqweni.

Get new issue alerts for South African Journal of African Languages