Ukuhlaziywa kwezincazelo nomlayezo owethulwa emagameni emiziyenkosi uMzilikazi

Research Article

Ukuhlaziywa kwezincazelo nomlayezo owethulwa emagameni emiziyenkosi uMzilikazi

DOI: 10.1080/02572117.2022.2139937
Author(s): Dumisani Ephraim Khumalo University of KwaZulu-Natal, South Africa , Evangeline Bonisiwe Zungu University of the Witwatersrand, South Africa

Abstract

Amagama emizi abamba iqhaza elibalulekile ekuqinisekiseni ukugcinwa komlando kanye nokufundisa izizukulwane ngolwazi, umlando kanye nendlela yokuphila eyabe ilandelwa yizizukulwane ezandulele esizweni. Ukuqinisekiswa kokuhunyushwa ngendlela komlayezo oqukethwe emagameni emizi kubamba iqhaza elibalulekile ekuqikeleleni ukuthi umlando wesizwe udluliselwa ezizukulwaneni ngendlela efanele nelindelekile. Ezindaweni lapho kuhlangene izinhlanga ezahlukene nezikhuluma izilimi ezingefani, ulwazi olungaba wusizo ekuhambeni kwesikhathi lusengcupheni yokulahlekelwa yisisindo esifanele ngenxa yokungabi khona kwezizinda ezilawula ziphinde ziqinisekise ukudluliselwa kolwazi olufanele olumumethwe emagameni ezindawo ngendlela elindelekile nefanele. Leli phepha liphenya kabanzi ngencazelo nomlayezo owethulwa emagameni emizi esizweni esasiholwa nguMzilikazi Khumalo. Inhloso esemqoka yaleli phepha kube ngukugcizelela ukulandelwa kwenqubo yokwethiwa kwamagama emizi ngaphansi kohlangothi olwaluholwa nguMzilikazi Khumalo noma kwabe sekunguhlangothi olwaluxube izinhlanga ezahlukene. Iphepha liphinde ligcizelela nendlela ukuqinisekiswa kokuhunyushwa kwamagama emizi ngendlela efanele okunomthelela ngayo ekulahlekeni komlando kanye namagugu esizwe. Kuleli phepha kusetshenziswe indlela yekhwalithethivu ukuthungatha imibono eyahlukene evela kubabambiqhaza. Ucwaningo lusebenzise injulalwazi yeHermeneutics kanye nenjulalwazi yesemiyothiki njengezinsizakuhlaziya ekuthungatheni ulwazi ngesihloko socwaningo. Imiphumela yocwaningo iveze ukuthi ukwethiwa kwemizi kaMzilikazi Khumalo kwabe kuncike ezinhlosweni ezahlukene nezibandakanya isu lokuletha ithemba kanye nokukhuthaza isizwe, ukubhinqa, ukuthumela umlayezo wokusabisa ezimbangini zakhe kanye nobudlelwane nemvelo ayephila kuyona. Kuphinde kwagqama nokubaluleka kokuqinisekiswa kokuqashelwa kwemvelaphi yamagama ukuze kuvikelwe umlando nalezo zinto ezingamagugu esizweni.

Get new issue alerts for South African Journal of African Languages