Ubudlelwano obuphakathi kokufundisa ukufunda okubhaliwe nezinkolelo zothisha olimini lwasekhaya lwesiZulu emabangeni aphansi

Research articles

Ubudlelwano obuphakathi kokufundisa ukufunda okubhaliwe nezinkolelo zothisha olimini lwasekhaya lwesiZulu emabangeni aphansi

DOI: 10.1080/02572117.2014.954089
Author(s): Zinhle Primrose Nkosi School of Education, South Africa

Abstract

Ucwaningo oluningi oselwenziwe emazweni amaningi omhlaba luveza ukuthi kunobudlelwane phakathi kwezinkolelo ngabakufundisayo othisha kanye nokwenza kwabo. Lolu cwaningo luhlose ukuhlola ubudlelwano phakathi kokufunda okubhaliwe nezinkolelo abanazo othisha mayelana nokufundiswa kwakho ezikoleni zamabanga aphansi. Ucwaningo lwenziwa kothisha abayisithupha bebanga lesi-2 nelesi-3 basezikoleni ezimbili kwelinye lamalokishi laseThekwini. Kusetshenziswe izindlela zocwaningo oluyi-qualitative case study ekuqoqeni ulwazi olutholakele. Phakathi kokutholakele, ucwaningo luveza ukuthi abakwenzayo othisha (teachers’ actions) lapho befundisa kunobudlelwane nezinkolelo (beliefs) abanazo ngokufundisa ukufunda okubhaliwe. Okunye okwatholakala ukuthi indlela abakuqonda ngayo (their understandings) ukufundisa ukufunda okubhaliwe nakho futhi kunobudlelwane nezinkolelo abanazo ngakho. Lezi zinkolelo zihlanganisa lezo ezincikene nolwazi abavele benalo ngokufundisa ukufunda okubhaliwe; ezinye ziphathelene nezindlela zokufundisa ukufunda okubhaliwe; kanti ezinye ziphathelene nezinsizakufundisa ezisetshenziswa othisha lapho befundisa ukufunda okubhaliwe. Nanxa ikhona imizamo yokulekelela othisha ukuba bathuthukise ulwazi olungabasiza ekufundiseni izingane ukufunda okubhaliwe, kuhlanganisa nezindlela abazisebenzisayo, kuyavela ukuthi akusikho konke othisha abakunakayo nabakusebenzisayo lapho befundisa. Isizathu salokhu imvamisa kuba ukuthi othisha babambelele ezinkolelweni ezindala eziphathelene nokufundisa ukufunda okubhaliwe. Lokhu kwenza kube lukhuni ukusuka kuzo ukuze bahambisane nezindlela zokufundisa zesikhathi sanamuhla. Ngenxa yalokhu ucwaningo lusonga ngokuthi kubukeka kusazothatha isikhathi ukuba kube nobungcono mayelana namazinga aphansi abafundi okufunda okubhaliwe uma iningi lothisha lisalokhu libambelele ezinkolelweni ezindala ngokufundisa ukufunda okubhaliwe.

Get new issue alerts for South African Journal of African Languages